#Jabulujule - Tea Time no Lady D 9 February 2026
Ngingowesifazane ona 35, nowahlukumezeka kakhulu othandweni. Ngendlela engahlukumezeka ngayo ngangithi ngeke ngiphinde ngiqome. Kuthe ngonyaka owedlule ngajwayelana nomunye wesifazane ngala ngihlala khona engangimazi ukuthi uthandana nobulili obufanayo. Sibe abangani isikhashana wabe esengicela ukuthi sizame ngakwezothando. Ayi bo, angiyazi mina impatho enje!. uyazi kwavele kwangathi ngiyaqala ngqa nokuba sebudlelwaneni. Angikaze ngizizwe kanje ngaphambilini ngisho ngisathandana nabantu besilisa. Into engihluphayo nokho ukuthi udaba ngizolubeka kanjani ekhaya ngoba balindele ukuthi ngigane kanti mina kangisazimisele nje neze ngabantu besilisa. Ngibonile ukuthi umuntu wesifazane uyacophelela ngenxa yokwazi izingqinamba esibhekana nazo kanti le enye I gender ayazi lutho futhi kayinandaba nanokwazi ukuthi yini ekujabulisayo futhi yini ekuphatha kabi. Ngiyafisa ukubika udaba ekhaya kodwa ngiyesaba.
You May Also Like

FluentFiction - Czech
FluentFiction.org

FluentFiction - Romanian
FluentFiction.org

Diligent Minds | Mindset, Motivation & Personal Growth Strategies
Dorian Jones

محفوف
Mohammad AlZayed

Life Kit
NPR

B1 | Dutch Short Stories: News
Dutch Fluency

A2 | Dutch Short Stories: Reddit
Dutch Fluency

THE DR. BETH'S podcast
Dr. Beth

LE TAROSCOPE DE STELLINE
ACTIV RADIO

お片づけ研究所
あらちぇ 片づけコンサルタント
Community discussion