#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesilisa okhala ngoNkosikazi wakhe ngenxa yento ayibone ocingweni lankosikazi.
Ngiyabingelela Ku Mam Khoza nabalaleli bo Khozi FM
ngicela ukuba ngu anonymous ngibike udaba lwami.
Ngingowesilisa oseneminyaka engu 8 eganiwe, uNkosikazi akaze anginike
isizathu sokungamethembi kodwa manje usanda kunginika sona shuthi ke
ezinsukwini nje ezedlule bengibheka ucingo lwakhe uMama wakwami
ngahlangana nengxoxo ephakathi kwakhe noNkosikazi kaMfowethu
omncane
Ibiveza ngokusobala ukuthi uNkosikazi kaMfowethu uyajola kanti yonke into
uyayixoxa noNkosikazi wami, yonke lendaba ingiphathe kabi ukwazi nje
ukuthi kudlalwa ngomfowethu kanti uNkosikazi wami uyingxenye yakho
konke lokhu, yize kungekho engikutholile okuveza ukuthi hlampe noMama
wakwami naye kukhona akwenzayo eceleni kodwa angisamethembi nje
nhlobo kungenza ngizibuze ukuthi uma ekwazi ukuthula futhi aseke umuntu
ophingela umnyeni wakhe yena yini emuvimbayo ukuthi akwenze ngoba phela shuthi akakuboni akubi ngakho sekunzima nje nokuthi ngimthinte
ngoba kunzima ukuzitshela ukuthi yena uthembikile kumina
Ngiyamthanda kakhulu uNkosikazi wami, sino mndeni omuhle kakhulu kanti
futhi sisuka kude sinaye angifuni ukumosha umshado wami ngento
okungenzeka ukuthi ayikho , ngesimo samfowethu sokujolelwa
ngizomtshela lokho ngiyakwazi kodwa mina into engifisa ukulekelelwa
ngayo yile yowami umshado, ngingamthemba kanjani futhi uNkosikazi wami
ngiphinde ngikwazi ukumthemba njengasekuqaleni, ngingajabula uma
ngingezwa izeluleko kwabanye abafwethu abaseke badlula kulokhu ukuthi
babhekana nakho kanjani, ngibonge ithuba ngizolalela emsakazweni.
You May Also Like

Shimon Davis
Shimon Davis

Bishop TD Jakes Sermons
Word Life

今を感じ,積重ね,今律・今立
岩田良太

CANITY
CANITY

The Thriving Workplace Podcast
Jason Marshall and Lauren Marshall

The Israel Guys
The Israel Guys

Typical Skeptic Podcast
Robert Kalil

Thrasherway Podcast
HLT

Daily Facts
Amalia Dupray and Montgomery Jones.

Diane's Tarot Diary: 我的塔羅日記
Diane Yang
Community discussion