#Jabulujule - Tea Time no Lady D 4 March 2026
Ngiyabingelela kuwe Mam Khoza. Ngokuthunywa umndeni sikwa Mhlabuyalingana ngokuhlala sidinga usizo. Sinenkinga yokuhlushwa idlozi okwa-kumele lithathwe umama wethu kodwa wagcine engalithathanga. Manje uma siyobheka kubantu livela kithina sonke sizingane zakhe kanye nakubazukulu imbala. Kumanje lento iyasihlukumeza emndenini ngoba sivalelekile ezintweni kangangokuthi akekho noyedwa umuntu osebenzayo layikhaya, akushadi muntu . Sididekile kumanje ngoba asazi uyena muphi umuntu okumele athathe lolubizo. Siyacela nisilekelele ngoba sesichithe izimali eziningi sizama ukulungisa lesisimo kodwa akulungi lutho,sibulawa nayindlala kumanje ngoba abantu sebasiqole kakhulu sivele singenalutho. Siyacela mamKhoza nisisize asinalutho esandleni kodwa sidinga usizo ngoba sigcine sesixa-bana ngasodwa sogcine sesibulalana kumanje asizwani egcekeni kunzima. Ngiyabonga, ngiyathemba sizosizakala. Okhathazekile Kwamhlabuyalingana
You May Also Like

Shimon Davis
Shimon Davis
Kabbalah: Lezioni del giorno | mp3 #kab_ita
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"

Choses à Savoir - Culture générale
Choses à Savoir

EconTalk
Russ Roberts

Lana Blakely
Lana Blakely

Financial Coaching for Women: How To Budget, Manage Money, Pay Off Debt, Save Money, Paycheck Plans
Vanessa and Shana | Budget Besties | Bougie On A Budget | Dave Ramsey Fans

Neville Goddard - Old Time Radio
Neville Goddard

Neville Goddard Daily
Neville Goddard

Chat GPT Questions
Sol Good Network

Chat GPT Collective Consciousness
Sol Good Network
Community discussion