#Jabulujule - Tea Time no Lady D 14 August
Ngibingelele oKhozini ngicela ukungavezwa mina ngingo wesifazane
oneminyaka engu 28 nginenkinga yokuthi ngo 2017 ngathandana nendoda eshadile kuthe ngonyaka lo
ophelile ngakhathala ukuba ikhwapha ngase ngiyamcela ukuthi angishade angenze unkosikazi wesibili
wavele wanqaba wathi akamdingi omunye umfazi okwaba yinto eyangidina kakhulu ngoba ngazizwa
njengomuntu abesemsebenzisa nje kuphela kodwa lutho izinhloso ngami
Ngasuka ngaya kwi nyanga thizeni eyanginika imithi ukuthi ngiyisebenzise endodeni nami impela
ngawusebenzisa indoda yaxabana nomkayo baze bahlukana wase ke ejola nami ngokuphelele kodwa
inkinga ke manje ukuthi selokhu ngamsebenzisela lo muthi akasafani njengasekuqaleni mina nje
akangiphethe ngendlela ayephethe ngayo uMkakhe
Emshadweni wakhe ubengu muntu oyikhiphayo imali emfazini wakhe, emkhipha njalo waze
wamthengela ngisho imoto kodwa kumina angiluboni nhlobo lolo thando
Kumina lomuntu unolaka neskhwele usenakho nokungibeka isandla okuyinto angakaze ayenze kumina
ngathi uma ngikhuluma nayo inyanga le eyanginika le mithi yasho ukuthi ingangisiza siyikhiphe lento
esamfaka yona kodwa ngiyasaba ukuthi uma simkhipha lento uthando lomkakhe luzobuya mase
belungisa izinto kanti mina ngisamthanda angazi ukuthi ngingamu lungisa kanjani ngaphandle kokuthi
angilahlekele
Ngicela ningisize ngezeluleko
You May Also Like

sarah marie anderson's podcast
sarah marie anderson

Make Your Damn Bed
Julie Merica

Motivational Speeches
Motivationly
Kabbalah Media | mp4 #kab_ger
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Kabbalah Media | mp3 #kab_ita
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Каббала: Ежедневные уроки | mp4 #kab_rus
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"

Die Köpfe der Genies mit Maxim Mankevich
Maxim Mankevich
Kabbalah Media | mp4 #kab_fre
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"

I Love Public Speaking with Bishal Sarkar
Mr. Bishal Sarkar

Ethan Brings You the World
Ethan Boronski
Community discussion