#Jabulujule - Tea Time no Lady D 12 July
Mam Dudu bengisacela ukusizwa lana ngengane
yendodakazi yami eyashona ngo 2016.
Indodakazi yami engasekho emhlabeni eyashona ngo 2016, yathola ingane
yentobazane eyithola komunye umlisa kanti kuzokwenzeka adlule emhlabeni. Uma
siqeda ukungcwaba indodakazi yami yabe ke I (boy friend) yafuna ukuthatha ingane
yabo ngala kumina njengo Gogo, kodwa ngoba ebengalobolanga njengoba esefuna ukuthatha umtwana,kuthe kusuka beza bezohlawula sase sivumelana ukuthi ingane
ingahlala naye kodwa uma kuvalwa izikolo umtwana angavakashela u GOGO oyimi.
Okanye azovakasha I weekend eyodwa enyangeni. Savumelana,kuthe ngisabhekile I(GIRL FRIEND) entsha yakhe lomlisa yangitsheela ukuthi ngingasakhulumi noBaba
womntwana ngiqale kuye uma ngifuna umtwana, okay Mam Khoza azange ngilwe
ngathobela umthetho kuthe kusuka lapho ,azange baqalise ukulandela into ebhaliwe
phansi mhla kwakuzohlawulwa ingane ,ngaqala ngasokola ukubona umzukulu wami
ngicela loncedo yingoba seba ngibloker nasezingcingweni zabo.
Ngo June ngiye la bebehlala khona ngathola umbhalo othi ( house to let) ngabuza
kumakhelwane wathi sebahlala eMpumalanga angazi kuphi neMpumalanga.
Ngashonelwa yindodakazi yami , manje bathatha lona engimbiza ngomzukulu,
sengikhalela ukuthi angivakashele okungcono noma ngingasahlali naye, noYise
akasabuyelwa nawunembeza, usevele wangilahla engazi ngisaphila kanti ingane yami
lena eyashona iyona yodwa ingane engabusiswa ngayo, angilali ebusuku ngicabanga
nge abuse yala ekhona.Ngicela ningibonise ngenze njani,uma kukhona umuntu owake
wabhekana nale nkminga angicebise ngenze njani. Angilwi namuntu kodwa bengicela
ukuboniswa ukuthi esimeni esinje ngingenze njani? Ngiyabonga Mam Khoza
nabalaleli boKhozi FM
You May Also Like
Каббала Медиа | mp4 #kab_rus
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Каббала Медиа | mp3 #kab_rus
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"

Les dents et dodo
BFMTV

sarah marie anderson's podcast
sarah marie anderson

Life Hacks DIY & More - Transform Your Everyday With Simple Tricks and DIY Magic!
Byte & Pieces

THE DR. BETH'S podcast
Dr. Beth

The Sevan Podcast
Sevan Matossian
Kabbalah Media | mp4 #kab_ger
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Kabbalah Media | mp4 #kab_fre
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Studying Kabbalah #kab_eng
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Community discussion