#Jabulujule - Tea time no Lady d 11 March 2026
Ngingowesifazane
owakhuleliswa owesilisa owayengangithandi futhi engenazo izinhloso ngami, kodwa
wayefuna lokho ayeze ngakho. Ngebhadi ngakhulelwa lokho kwamphatha kabi.Waziqhelelanisa kimi
nengane.Ngakwamukela lokho noma kubuhlungu, ngathatha isinqumo sokuyocinga kubo
ngenzele ukuthi ingane uma ikhula ilazi ikubo. Kwahamba kahle lokho ubazali bakhe
bajabula bathi ngeyabo ingane baya yamukela.
Kodwa bacela ukuzwa ngaye. Akangasho lutho yena,Ukuze ngimkhulule ngacela I DNA
Test akaze avume nanamuhla. Nansi inkinga engicela ukusizwa kuyo.
Ingane ikhulile ayimazi, iyahlupha okuzinkomba zosiko ngoba ekhaya kubo bayadebeza.
Ngangi ngafisi ukugxila kusiko kakhulu, ukuze ngingamphoqi uyise ngimfake incindezi.
Ngathathe ngendlela yesilungu ngayisa ko Dokotela bam Diagnose bathi 1.Autistic
Features 2.ADHD kanye ne 3.Intellectual Disability. Ingane ina 11 years. Uphuza i
depressants medication. Kodwa awelaphi lokhu okuqondene nosiko.
Ngisacela ukuboniswa lana. Njengoba kungesikho ukuthi uswele amandla yingoba
engathandi.Bakhona yini abanye besifazane abakhuleliswa ngabantu bengathandani nabo
kanti bebefeza izinhloso zabo. Uma ungomunye walabo banto ngicela ungitshele wenza
njani ngoba kusasa lomuntu uzoyifuna lengane angafuni ukuyondla namhlanje.
You May Also Like

Fluent Fiction - Catalan
FluentFiction.org

FluentFiction - Irish
FluentFiction.org

FluentFiction - Romanian
FluentFiction.org

Fluent Fiction - Portuguese (Brazil) š§š·
FluentFiction.org

FluentFiction - Welsh
FluentFiction.org

Fluent Fiction - Russian
FluentFiction.org

Fluent Fiction - French
FluentFiction.org

Fluent Fiction - Hindi
FluentFiction.org

Fluent Fiction - Arabic
FluentFiction.org

Fluent Fiction - Portuguese (Portugal) šµš¹
FluentFiction.org
Community discussion