#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 July 2024
Ngibingelele Mam Lady-D nethimba lakho, ngithe angedlulile nami
okusenhlizweni yami, ngikhungathekile.
Ngingowesilisa oneminyaka engaamashumi amathathu (30years) bengikade ngisebudlelwaneni
nowesifazane osekhulile kunami ngoba uneminyaka engamashumi amane (40 years) ekusho ukuthi
ungishiya ngeminyaka eyishumi ubudala.
Inkinga yami iqala emuva kokuthi sambatha sbbabili savuka sibathathu, shukuthi wakhulelwa
ngokusho kwakhe ngoba ungumuntu engamthola ngase khaya kodwa njengamanje mina ngihlala eGoli
ngisondelele amatoho, inkinga iqala emuva kokuthi sike salahlalekelana ngoba ngangihlushwa ucingo,
sangaxhumana kahle kodwa shukuthi wazama ukungithola ngoba emuva kokuthi sengizamile
ukulungisa ucingo ngikwazile ukubona imilayezo yakhe nezithombe zengane isizelwe.
Ngizamile ukondla ingane ngilokhu ngithumela imali yengane njengoba ewumuntu ongasekhaya mina
ngise Goli, ngizamile ukumcela ukuthi ingane ngizocela ukuthi iye ekhaya ukuze izobonwa ngabazali
bami, wanqaba waphetha , kanti lona wesifazane ingane akuyona eyakhe yingane yendodakazi yakhe
endala, shuktuhi ubeqamba amanga sonke lesi sikhathi , lokhu ngikuthola ezinkundleni , ngibone
kubhale ingane yakhe ifake yona lengane engithi yeyami kanti akuyona eyami, mangimbuza ukuthi
wethuleleni ngesikhathi ngiyobona ingane ekhaya kubo wangitshela ukuhi ubecabanga ukuthi uMama
wakhe uayyikhulumela nje.
Ingane isisenminayak emithathu manje, sengiyenzele lezozinto ezincane ebengilokhu ngizithumela ,
ngimnikeza nemali ebeyifuna, ngapha nengane besengakhe ubudlelwane nayo, lokhu okwenzekayo
kuyangihlukumeza angazi ngingabhekana kanjani nakho. Ngicela abalaleli bangicebise ukuthi
ngingabhekana kanjani nalesimo.
You May Also Like

Spartan Discipline Daily | No-Excuses Mental Toughness Boosts
Peak State Labs

THE DR. BETH'S podcast
Dr. Beth

ADHD, But Make It Spiritual
Peak State Labs
Kabbalah Media | mp3 #kab_fre
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Kabbalah Media | mp3 #kab_ita
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"

Make Your Damn Bed
Julie Merica

Rick Warren Sermons
Word Life
Cabalá Media | mp4 #kab_spa
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Studying Kabbalah #kab_eng
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
קבלה מדיה | mp4 #kab_heb
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Community discussion