#Jabulujule - Tea Time no Lady d
Ngiyabingelela MAM KHOZA, Ngicela ukungazisho igama ngiyinsizwa eneminyaka engu 40 ngicela
ningixazululela nantu udaba Ngo Ntulikazi wonyaka ophelile kwandlula umama osizalayo
emhlabeni umama udlule emuva kokugula isikhashana umama wayethwasile waphothula wakhishwa kodwa ke azange aqhubeke nokusebenzisa ubungoma.
Kumama sizinsizwa sibathathu KwaGobela kwazi umfwethu ophakathi Kuthe makudlula umama
emhlabeni umfwethu wathi akasawazi umuzi kagobela kamama wala noma sesithi sizozama ezinye
izindlela zokuyomfuna simazise ngokudlula kukama Umfwethu walanda isangoma sakhe sasegoli
okwaba yiso esenza imkhuba yobungoma kumama engakhulumile Nathi njengabafowabo
umfwethu akamdala njalo ngoba enza Zonke lezinto sathulake Mina nomfwethu omdala wafihlwa
umama.
Kuthe ngakusasa ebusuku umfwethu wathatha ihlahla likamama wayoligubhela egcekeni wathi
usiko lwezangoma lolu njalo lokhu ubonisana nalesangoma sakhe sasegoli kwathiwa Uma
uthwasile usuke usuyiwele wathi masekwenziwa inhlanbuluko uzophinde amlande ngelinye ihlahla
esibhedlela kodwa sasimlandile mhla simlande emakhazeni.
Manje ngihlushwa iphupho solokhu samufihla umama ngiphupha inkonzo yakhe yokumfihla
makungeyona inkonzo Kuba umlindelo wakhe umama,leliphupho libuya kabili noma kathathu
enyangeni. Ekugcineni ngiphuphe kungumlindelo wakhe umama Mina bengimemeza egcekeni
ngithi umfwethu nguye obulale umama benentombi yakhe.
You May Also Like

CNN 10
CNN Podcasts

Shimon Davis
Shimon Davis

Motivational Speeches
Motivationly

Lana Blakely
Lana Blakely
Kabbalah Media | mp3 #kab_ger
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Kabbalah Media | mp4 #kab_fre
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Kabbalah Media | mp3 #kab_fre
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Cabalá Media | mp4 #kab_spa
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"
Каббала Медиа | mp4 #kab_rus
Bnei Baruch Kabbalah Education and Research Institute, Бней Барух – Ассоциация "Каббала Ла-Ам"

Motivation Daily by Motiversity
Motiversity
Community discussion