#Jabulu Jule - Tea Time - Undodakazi wami wathunjwa ngabantu abangaziwa bafuna R25 000 indawo Emtuba - 07 October 2026
Episode 12 min 47s

#Jabulu Jule - Tea Time - Undodakazi wami wathunjwa ngabantu abangaziwa bafuna R25 000 indawo Emtuba - 07 October 2026

Ngyabingelela mam DUDU nabalaleli bo KHOZI FM. Mam Khoza Ngicela ukuba u anonymous kuloludaba. Ngingowesfaze oneminyaka engu 38yrs. Ezinyangeni ezine ezedlule ngalahlekelwa undodakazi wam Okusolakala ukuth wathunjwa ngabantu abangaziwa abamthatha egcekeni ekhaya ngezikhathi zakusihlwa Kwathi ngosuku olulandelayo kwafona owesilisa ongazichazanga wathi nguye othathe undodakazi ucela simfakele imali ewu R25000 ukuze amdedele makungenjalo somthola eseshonile. Salubika udaba emaphoyisen afika athatha isi statement azama ukulandela amafoni lapha eyekhomba ukuthi adonsa khona. Abangabuya nalutho. Kwabe sekulandelwa umnikazi we bank account esanikwa yona ukuze sifake lo R25000 Bamthola waboshwa babuye bamkhipha uma sibuza ukuth uphume kanjan bathi basaphenya bazombiza uma bemudinga. Kuze kube manje akukho oku thembisayo namaphoyisa azithulele Sesiside lesiskhath ingane ingaziwa ukuthi ikuphi futhi kungenamkhondo okhona. Ngcela abalaleli bengicebise ukuthi ngingenza njani ukuze ngithole usizo oluphuthumayo

Community discussion