#Jabulu Jule - Notha uJule ngezamabhizinisi (Repo Rate) - 01 June 2026
Episode 21 min 22s

#Jabulu Jule - Notha uJule ngezamabhizinisi (Repo Rate) - 01 June 2026

Sino Mpumelelo Zikalala from Zikalala Attorneys, unguzomabhizini aphinde abe umhlaziyi wezomthetho.Ā  sikhuluma Repo Rate, okuyizinga lenzalo elibekwa yi South African Reserve Bank eyaziwa ngokuthi iBhange Elikhulu laseNingizimu Afrika. Leli bhange liyisikhungo esinomsebenzi wokuphatha nokuvikela uhlelo lwezimali lwezwe futhi iyona ephethe ukukhishwa kwemali yaseNingizimu Afrika, okuyi currency yeRandi. Uma I repo rate inyuka, ukuboleka imali kubiza kakhulu njengoba amabhange enyusa inzalo yawo. Lokhu kungaholela ekutheni abantu banciphise indlela abasebenzisa ngayo imali. Kodwa uma i-repo rate yehliswa, ukuboleka kuba lula futhi kushibhe, okungakhuthaza abantu namabhizinisi ukuthi batshale imali. I Repo Rate iyithuluzi elisetshenziswa yi Reserve Bank ukulawula ukwenyuka kwamanani ezimpahla nezinsiza nokugcina umnotho wezwe uzinzile.

Community discussion